Imali yosizo imali edluliselwa isuka kuHulumeni iya kubantu abangakwazi ukuzisiza ngokwabo. Ikhokhelwa abantu abampofu ukuze babhekele izidingo ezibalulekile nokubhekela izinto ezincane ezibalulekile empilweni. Imali yosizo inikezelwa ukusiza okuyinhlosongqangi yoMnyango okungunikeza amandla abampofu nokubhekela impilo engcono kulaba abeswele.
Lapho kufakwa isicelo sosizo lomphakathi, impahla yezezimali yofake isicelo kanye nalezo zaganene naye noma abathintekile ziyahlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi ingabe lowo muntu ufanelekile yini ukuthola imali yosizo lukahulumeni. Lokhu kubizwa ngokuthi "ukuhlolwa kwezimali". Uhlelo lokwamukela usizo akufanele luthathe ngaphezu kwezinsuku ezimbili kusukela isicelo sifakiwe.
Qaphela: Izimali zosizo zikhokhelwa labo abazitholayo njalo ngenyanga.
Imali yokusiza izingane ezikhuliswa abazali okungesibo abazo ikhokhelwa labo bazali maqondana nengane ebekwe ngaphansi kwesandla sabo ngokoMthetho Wokunakekela Ingane, 1983 (Umthetho No. 74 ka-1983).
Ofake isicelo/ingane kufanele ahlale eNingizimu Afrika ngesikhathi sokufaka isicelo.
Kufanele kulethwe incwadi yokuyalela kwenkantolo ekhombisa isimo sokunakekelwa abazali okubekwe ngaphansi kwabo ingane.
Ingane engaphansi kwesandla sabazali okungesibo abayo kufanele ihlangabezane nezidingo zokuhlolwa kwezimali, okuyi-R 12 720 ngonyaka.
Sifake eHhovisi lezeNhlalakahle eliseduze nalapho lowo ofake isicelo ehlala khona.
Uma abafaka izicelo bebadala kakhulu noma begula kakhulu ukuthi bangazihambela ukuyofaka isicelo semali yokusizwa ehhovisi, ilungu lomndeni kufanele libafakele isicelo.
Ifomu yesicelo iyogcwaliselwa phambi komsebenzi womnyango.
Lapho ifomu yokufaka isicelo seyigcwalisiwe, ofake isicelo uyonikwa irisidi.
Leli risidi kufanele ligcinwe - lisebenza njengobufakazi bokufakwa kwesicelo.
Akukho mali okufanele ikhokhwe ekufakweni kwesicelo.
Uma isicelo esifakiwe singavunywanga yiHhovisi lezeNhlalakahle, ofake isicelo kufanele aziswe ngokubhalelwa nokuthi kungani isicelo saliwe.
Ofake isicelo unelungelo lokudlulisa isikhalo ngokubhalela uNgqongqoshe Wezenhlalakahle esifundazweni sakhe, echaza ukuthi kungani engavumelani nesinqumo sakhe. Lesi sikhalazo kufanele sifakwe ezinsukwini ezingama-90 zokwaziswa ngomphumela wesicelo esifakiwe.
Uma imali yosizo ivunyiwe, ofake isicelo uyokhokhelwa kusukela ngosuku okwalethwa ngalo isicelo.
Ofake isicelo kufanele aziswe ngokubhalelwa izizathu zokwala nemali yokusiza, kanye nelungelo lakhe lokukhalaza ezinsukwini ezingama-90 azisiwe.
Qaphela: Uma ofake isicelo engakwazi ukulanda imali, kungaqokwa umuntu ngokomthetho ozolandela umuntu ofake isicelo njalo imali.
Isicelo sokubuyisela imali yokusiza esimeni kufanele silethwe ezinsukwini ezingama-90 zokumiswa.
Ofake isicelo akekho kuRiphablikhi isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha noma ngaphezulu.
Ofake isicelo kufanele asho nanoma iyiphi imali engenayo ngesikhathi sokufaka isicelo. Lokhu kuzoba yisisekelo esizosetshenziswa Umnyango ukunquma ukuthi kufanele ibukezwe yini imali yokusiza. Ofake isicelo uyokwaziswa kusasele izinyanga ezintathu ngosuku lokubukeza noma ngosuku isitifiketi sempilo esifuneka ngalo.
Imali yokusiza ekondleni izingane ikhokhelwa umnakekeli wengane obalulekile maqondana nengane eneminyaka engaphansi kwe-11 ubudala. Umuntu onakelelayo yinoma yimuphi umuntu obhekene nomsebenzi omkhulu wezidingo zengane zansuku zonke, okungenzeka ukuba uhlobene noma akahlobene nayo.
Ofake isicelo kanye naganene naye kufanele bahlangabezane nezidingo zokuhlolwa kwezezimali, okuyi-R9 600 ngonyaka ezindaweni ezisemadolobheni kanye ne-R13 200 ezindaweni zasemakhaya.
Ingane kanye nomnakekeli wayo kufanele babe izakhamizi zaseNingizimu Afrika futhi bahlale khona.
Ofake isicelo kufanele kube umnakekeli obalulekile wengane leyo.
Ingane kufanele ibe ngaphansi kweminyaka eyi-11 yobudala.
Umuntu onakelelayo angeze afaka isicelo sezingane ezingaphezu kweziyisithupha ezingazalwa nguye.
ofake isicelo engesiye umnakekeli wengane obalulekile; noma isikhungo sikhokhelwa ngokunakekela ingane.
Le mali yokusiza ikhokhelwa abazali, abazali abanengane engaphansi kwesandla sabo engazalwa yibo, kubabheki bezingane eziphakathi kweminyaka yobudala ephakathi kowo-1 neyi-18, ngenxa yokukhubazeka okunamandla ngengqondo kanye/noma ngomzimba, edinga ukunakekelwa ngokugcwele.
Ofake isicelo kufanele kube isakhamuzi saseNingizimu Afrika, ngaphandle kwesimo sabazali abahlala nengane okungesiyo eyabo.
Ofake isicelo kanye nengane kufanele bahlale eNingizimu Afrika.
Kufanele kulethwe ukuhlolwa kokwelashwa okuqinisekisa ukukhubazeka.
Ofake isicelo, aganene naye kanye nengane kufanele bahlangabezane nezidingo zokuhlolwa kwezimali, okuyi-R48 000 ngonyaka kumzali kanye ne-R17 760 enganeni.
Ingane ephila ngokuncika ekunakekelweni ingeze yanakekelwa unomphela yisikhungo sikahulumeni.
